Isitifikedi sokushona yidokhumende esemthethweni enikezwa umndeni oshonelwe lapho kubhaliswa ukushona komuntu. Lapho umuntu wangaphandle eshona eNingizimu Afrika, irekhodi liyagcwaliswa ebese kukhishwa isitifikedi sokushona sinikezwa umndeni. Izicelo zingenziwa ehhovisi laboMnyango wezaseKhaya noma kwinxusa laseNingizimu Afrika noma i-mission uma kwenziwa isicelo ngaphandle.
Ukuze uthole olunye ulwazi ngena kwi-website ethi uMnyango wezaseKhaya.
Gcwalisa ifomu le-BI-132.
Bhala incwadi enemininingwane yomuntu oshonile ebese iposelwa ehhovisi eliseduzane lezaseKhaya, uma lingekho ihhovisi lezaseKhaya endaweni yangakini.
Akukho mngcwabo oyokwenziwa ngaphandle komyalelo wokungcwaba. Umyalelo wokungcwaba yisitifikedi esinikeza isigunyaziso somngcwabo kanye nokuhanjiswa kwesidumbu ukusuka endaweni lapho umuntu ashone khona ukuya endaweni lapho azongcwatshwa khona.
Ngabangcwabi abanegunya lokukhipha umyalelo wokungcwaba.
Isitifikedi esifingqiwe : Sinikezwa ngobhaliso lokushona.
Isitifikedi esiphelele : Izicelo zingathatha isikhathi sokufinyelela kumaviki ayisishagalombili ukuya kwangu-12.
